Isikena Sokuhlola Ubungozi Bama-Scam Kuwebhusayithi
INGABE NGIYAQOLWA

Ingabe ubhekene nokucindezeleka / ukuphelelwa ithemba?

tenable nessus
Ucabanga ngokuhlanganiswa kwezikweletu
Ukukhungatheka ngokwezimali
Ukubhekana nabaqoqi bezikweletu
Ucabanga ngokuboleka imali
Ucabanga ukuboleka umuntu omthandayo imali, abangani, noma abantu obajwayele
Usafuna umaqondana
online dating scams

I-Ajenda Ye-Scammer

Amaqola axhaphaza ubuthakathaka bethu ukuze asikhohlisele ekukholweni ukuthi ayasisiza noma ukuthi angabangane beqiniso noma ozakwethu ababheke izintshisekelo zethu ezinhle.

Indlela Yokuphendula

Uma uzizwa ugajwe yizikweletu, ungase uqale ukuphelelwa ithemba. Kulokhu, kungcono kakhulu ukuthi ufune usizo lwezezimali kanye nezeluleko kwabakuqeqeshelwe lokhu njengabeluleki bebhange lakho, umeluleki wakho wezezimali, i-accountant noma ummeli ohlome kangcono futhi oqeqeshelwe ukukweluleka. Bangase basikisele ukuthi uhlanganise izikweletu zakho.
Ukuhlanganiswa kwezikweletu kukusiza ukuthi uphathe izimali zakho kalula ngokuzihlanganisa - noma ukudidiyela- zonke izikweletu zakho ezikhona kanye nemalimboleko ku-akhawunti eyodwa nje. Amaqola asebenzisa lolu lwazi ukuze akuyengele ekutheni ubanike lonke ulwazi lwakho lomuntu siqu futhi bantshontshe noma yiziphi izimpahla osele nazo. Qiniseka ukuthi usebenzisana ne-ejensi ebhalisiwe nenelayisensi yokuhlanganiswa kwezikweletu.

Umqoqi wezikweletu yinoma yimuphi umuntu noma inkampani ngaphandle kommeli oqoqa izikweletu ezikweletwa amakhasimende akhe.Ungavumeli abaqoqi bezikweletu noma amaqola azenze abaqoqi bezikweletu, akhulume nawe kamnandi uzibone usubavumela ukuthi bakusombululele izinkinga zakho zezimali ngokushesha.
Hlola ukuthi umqoqi wezikweletu ubhalisiwe yini 'noMkhandlu wabaqoqi bezikweletu, ngokuhambisana noMthetho wabaqoqi bezikweletu we-114 ka-1998, iSigaba 8. Iwebhusayithi: https://www.cfdc.org.za/.
Qonda izinto zomthetho. Kunemigomo nemibandela eminingi eyinkimbinkimbi okudingeka uyiqonde futhi uvumelane nayo. Cela ummeli wakho ukuthi abukeze lokho okunikezwayo futhi akuchazele ubungozi obuhlobene nemiphumela. Kungcono ukuba uphephe kunokuzisola!

Qaphela omashonisa. Omashonisa abakuboleka imali ngenzalo ephezulu kakhulu, banemibandela eqinile yokuqoqa uma wehluleka ukukhokha, futhi ngokuvamile basebenza ngaphandle komthetho. Bathembisa ukukuboleka imali ngaphandle 'kwenqubo yezomthetho eyinkimbinkimbi' njengoba cishe abahambisani nezimfuneko ezingokomthetho ezikuvikelayo.
Inzalo yabo emba eqolo izokufaka ezikweletini esikhundleni sokuxazulula izinkinga zakho.

Ungababoleki imali abantu othandana nabo noma ongabazi ngokuphelele.
Khuluma noma uthinte abatshalizimali/amakhasimende ake aba kuleli bhizinisi.
Ukusebenza ngemali kungaba yindaba ephicayo futhi ephakamisa imimoya, ikakhulukazi uma kuziwa ekubolekiseni ngayo. Abangane nezinqandamathe bangase bakunxuse ukuthi ubaboleke imali ngesizathu ezikudabukisayo, futhi bakwenze uzizwe unecala ngokungakwenzi lokho. Lokho kuzizwa unecala yisexwayiso sakho sokuqala sokuthi AKUWONA umqondo omuhle. Ungaboleki imali kubantu obazi kancane kakhulu – bangase bakukwelete imalie, kodwa futhi abakukweleti ukwethembeka. Amaqola azenza abangani nezithandwa zakho, basebenzise ukubadabukela kwakho ukuze bakukhohlise bese ubaboleka imali eningi ngangokunokwenzeka, ngaphezu kwakanye, esikhathini eside. Bese beyanyamalala ngokushesha, bakushiye kanjalo ungasenamali.
Inqubomgomo yakho engcono kakhulu ukuthi uqine futhi wenqabe nje ukubolekisa ngemali. Uma bethi imali nazoyisebenzisela isizathu esiqondile, sangempela, nokho - imali yesikole, isibonelo nje - uboyikhokha ku-akhawunti yasebhange yesikole ngqo emva kokuqinisekisa ngokwakho mathuphaimininingwane yasebhange nesikole.

Qapha imizwa yakho futhi uqaphe “i-catfishing”
Ukufuna uthando, ngisho usofasilahlane wakho, ku-inthanethi kuya ngokuya kuba yinto enedumela. Lokhu kungase kube “nesiphetho esijabulisayo” kodwa kungase futhi kubangele inhliziyo ephukile, kukushaye nasephaketheni!
Ungawathembi amaphrofayili wokuqomisana ezinkundleni ezinedumela kanye nezicelo zokuxhumana nabantu, lapho ufuna umlingani ozophila naye. Abmaqola “asebenza i-catfish” kulabo abafuna ukubenza izisulu ngenhloso yokukweba imali eningi nganoma iyiphi indlela abangaba ngayo, bantshontshe idatha yakho ngokukuthumelela izithombe noma izixhumanisi ezinohlelo olungayilungele ikhompyutha, bacele ukubolekwa imali ngenxa yezimo eziphuthumayo noma bakutshele ngamathuba amahle abaye bawathola futhi bakumeme ukuba nawe ujoyine.
Ezimweni ezimbi kakhulu izithombe ezibucayi okwabelwene ngazo / ezitholiwe kumadivayisi akho bese zisetshenziselwa ukukwethusa kanye nokukwesabisa ukuze ukhokhe imali noma ukufinyelela imininingwane yakho yasebhange.
Amaqola akha amaphrofayli angamanga ku-inthanethi ukuze akuhehe ulahlekelwe yingqondo kanjalo nemali yakho.

Amacebiso Nokwesekwa

Ozakwethu

Bhalisa. Thola ukuhlola okugcwele kokuphepha kwewebhusayithi ihlolelwa ubungozi obaziwayo.